InkoloIsikoIsintu

Sicacisa eyokufakwa, nokukhishwa kwamanzi amnyama ekhaya

Imphepho kaQithi kaNdlovu, okuyizinyanga ezihlangene ngombono wokusizana ukwelapha isizwe, namuhla zisidwebela isithombe ngamanzi amnyama. 

Kusuka ekutheni abathakathi bawafaka kanjani nokuthi akhishwa kanjani. Loyo ofaka amanzi amanyama emndenini wakhe usuke enomona efuna abanye bangalungelwa yilutho. 

Uqala ngokuhlanganisa amakhubalo enza ukuthi abenesithunzi. Abuye ahlanganise nezilwane ezithile ezimbi, ahlanganise nezinhlabathi zamathuna ukuthi uma ngabe wena njengelunga lomndeni wenza umsebenzi wakho kungalungi, abaphansi balungisele yena. 

Usuke ezithwebulile izinyanya zalelo khaya. Ubuye abhale amagama abantu afuna bangalungelwa yilutho, athathe lelo phepha alifake ngaphansi kokhamba lwakhe lokuphehla amanzi akhulume kulona abize lawo magama awabhalile. 

Lapho usuke efake nomkhonto. Amadlozi amahle lawa abizwa ngamanono ayaphuma ekhaya ayohlala ngaphandle, kungene amadlozi angalungile ekhaya. 

Njengoba engalungile, afike adale inhlupheko nesinyama ukuthi abantwana bangaganwa, bengagani, bangasebenzi baphuphe babe yimiquba, izinto ezingelutho emhlabeni. 

Isixazululo

Uma ukhipha lamanzi amanyama, kumele uqale bakhiphe abantu bakhona ngaphandle komuzi.

Baqalwa ngokuphalaziswa ngamanzi amanyama, baphinde baphalaze ngamanzi amhlophe nokuyiwona akhipha la manzi amnyama. 

Kuhlatshwa imbuzi yokubageza, bangeniswe ngaphakathi bonke ekhaya ngemuva kokugeza amadlozi. 

OLUNYE UDABA: Kuhlonishwa ‘inkosi kaMaskandi’ ePlayhouse

Bagezwa ngoba kukhona amadlozi ahamba exabene,  engangenelani ngenxa yezingxabano zomndeni, baphinde baphiwe ukudla, batshelwe ukuthi mabakhanyise izinto ekhaya, babuyise nezinhlanhla.