Kuhlonishwa ‘inkosi kaMaskandi’ ePlayhouse
I-Playhouse Company, ngaphansi koMnyango wezeMidlalo, Ubuciko namaSiko, izohlonipha uDkt. Madala Kunene ngekhonsathi ezoba seDrama Theatre ngoLwesihlanu lomhla ka-12 kuMfumfu.
Kule khonsathi eyisipesheli kuzobe kunandisa yena uDkt Kunene uqobo kanti izoqondiswa ngu-Edmund Mhlongo.
Ukwengeza, uXolisa Dlamini uzohlanganyela noThando Nyameni njengabaphathi bohlelo kule khonsathi.
UDkt. Kunene usanda kuklonyeliswa ngeziqu zobudokotela zokumhlonipha yi-University of KwaZulu-Natal.
Phakathi nomcimbi wokuthweswa iziqu kwale nyuvesi ngoMeyi, waveza ukuzizwa ethobekile ngalokhu kuhlonishwa.
Inyuvesi ibonge amagalelo amangalisayo kaDkt. Kunene emculweni wesintu, e-Afrika nasemhlabeni jikelele.
Indlela uDkt Kunene asebenza ngayo emculweni igxile kakhulu ekugcineni isiko nokubhekana nezinkinga zomphakathi.
Uthe, “Ngihlezi ngidlala isiginci ngendlela ekhombisa isiphiwo sami. Ngiphinde ngicule ngolimi lwami lwebele ukuze silondoloze amasiko ethu ngamaculo akhuluma ngezinto ezithinta abantu bakithi.”
UDkt. Madala Kunene, odume ngelika “Bafo,” uyisihlabani somculo saseThekwini.
Wazalwa ngo-1951 eMkhumbane ngaseThekwini, waqala uhambo lwakhe lomculo esemncane.
Wazakhela isiginci sakhe sokuqala ngethini lamafutha okupheka eneminyaka eyisikhombisa kuphela.
Ngokuhamba kweminyaka, udumo lwakhe lukhule ngendlela encomekayo, okumenze wahlonishwa njengenkosi yesiginci sikaZulu, ebizwa “ngenkosi kaMaskandi.”
Ikhonsathi yokuhlonipha uDkt. Madala Kunene ePlayhouse izoqala ngo-7 kusihlwa, kanti amathikithi abiza u-R100.
OLUNYE UDABA: UNonkululeko ulifeze impilo iphika iphupho lokulingisa
Atholakala e-Webtickets. Kuthembisa ukuthi kuzoba ubusuku obungasoze balibaleka lapho kubungazwa amagalelo amangalisayo kaDkt. Kunene emculweni namasiko.