Ucacisa eyokukweleta kwakhe intela uSonia Mbele
USonia Mbele ugcine ephumele obala mayelana namacala abhekene nawo okubalekela ukukhokha intela.
Bekumele avele enkantolo yaseGoli nozakwabo kwezamabhizinisi ngoLwesithathu olwedlule kodwa akwangenzeka lokho.
Bonke basenkingeni yokungawagcwalisi amafomu abo entela ngendlela efanele, ikakhulukazi inkampani yabo, iReal Housewives of South Africa (Rhosa).
Ngokusho kweNational Prosecuting Authority (NPA), babhekene namacala angu-42 ngokungayikhokhi intela yenkampani kusukela ngo-2019 kuya ku-2022.
Kukhona elokungalandeli imithetho ye-VAT kusukela ngo-2020 kuya ku-2022 neye-PAYE kusukela ngo-2020 kuya ku-2022.
NgoLwesine, uSonia Mbele, ekhulunyelwa uThato Malindi, uchaze uhlangothi lwakhe ngalolu daba.
Empeleni ufuna ukululungisa lonke udaba lwentela ukuze akwazi ukugxila ebhizinisini lakhe elisha, iSonia Mbele Films.
Uthi yena wazi ukuthi iRhosa yavalwa ngo-2019. USonia ukucacisile ukuthi ushiye iRhosa ngo-2019 futhi ubengazi ukuthi inkampani isasebenza.
Waze wathatha isinyathelo sokwenza amalungiselelo okukhokha ingxenye yakhe kunoma yini ekweletwa yile nkampani.
Ngokubika kweSowetanLive, enkantolo ngoLwesithathu, umshushisi waveza ukuthi uSonia unikeze isitifiketi sikadokotela esishoyo ukuthi ngeke akwazi ukuya enkantolo kuze kube umhlaka-3 Okthoba ngenxa yesimo sempilo esingesihle.
Nokho, imantshi ayizange ivume. Okhulumela uSonia, uMalindi, ukugcizelele ukuthi wayinikeza incwadi kadokotela kwi-NPA.
OLUNYE UDABA: Quality v Khuzani: Isidlulile, kusize ubuqhawe bukaBig Zulu
“USonia namanje akaphilile futhi uyile ukuyohlolwa futhi namuhla, kodwa uzimisele ngokugeza igama lakhe futhi alungise izinto.”
USonia waduma kakhulu ngokulingisa ngesikhathi edlala kwiGenerations enguNtombi Dlomo, eshade nomlingisi osewashona uMenzi Ngubane owayenguSibusiso Dlomo kulo mdlalo wethelevishini.