Quality v Khuzani: Isidlulile, kusize ubuqhawe bukaBig Zulu
Kuvunywa uBig Zulu osukumele phezulu, wayibamba ingakaphenduki ilangabi ebelingagcina lihangule abaningi ingaxabano esuke phakathi kukaQuality Biyela noKhuzani Mpungose.
Lezi zinsizwa zikaMaskandi bezilokhu zichukuluzana ezinkundleni zokuxhumana ngamagama angemnandi.
Kodwa lokhu kungcofana kuthathe igxathu elingelihle ngempelasonto ngesikhathi uKhuzani esehluleka ukuzibamba, embeka isandla uQuality.
Ividiyo yalesi sigameko esenzeke emcimbini kaMaskandi obuseMnambithi igcwale zonke izinkundla zokuxhumana.
Kucacile ukuthi indlela osekukhulunywa ngayo lesi sigameko sesingagcina sesimoshe lo mculo okhula ngendlela encomekayo.
Nokho uKhuzani useveze ukuthi isidlulile phakathi kwabo njengoba sebekhumelene umlotha kulandela ukuthi behlanganiswe uBig Zulu.
“Sizwe sikaZulu singabenu, amaphutha nokuphambana okukanoma ubani,” ubhale kanje uKhuzani efake isithombe sakhe exhawulana noQuality.
“Ssesixoxile, sathelelana amanzi nomfokaBiyela seyidlulile. Sicela nakunina yedlule.
“Eyamadoda iyaphela akekho umuntu ongenasici emhlabeni. Wonke umuntu uyawenza amaphutha.
OLUNYE UDABA: Uzoqopha eyakhe indlela uMzukulu kaShafuza ozalwa uMjikijelwa
“Sibonga kuBig Zulu okunguyena osihlanganisile sayikhuluma, kwadlula,” kuchaza lo mculi ongomunye wabathandwa kakhulu kuMaskandi kuleli.