Umculo

URingo ukhala ngokubhuliswa amazolo kuhle kwevukane

Umculi wodumo kuleli, uRingo Madlingozi uthi ulinde amahora amabili ngaphambi kokuthi abange umsindo ngokulindiswa kwakhe edilini lomculo iDStv Delicious Festival ngeSonto.

IJoyous Celebration, i-Incognito, uShalamar noMaxwell bangabanye babaculi abebenandisa ngosuku lokugcina lwale festivali ebiseKyalami Grand Prix Circuit, eGoli.

URingo Madlingozi uzwakalise ukudumala nokushaqeka okukhulu, ethi akaphathwanga kahle uma eqhathanisa nabaculi bakwamanye amazwe.

Ophethe ezokuxhumana kulo mkhosi uthe bazozibheka izinsolo zikaRingo Madlingozi oneminyaka engu-59.

“Abaphathi bami bakudala bangincengile ukuthi ngingene kule festivali yize bengibona bengeya ngokuthi ngibe ngomunye wababhula amazolo. 

“Sesiside kakhulu isikhathi ngisemculweni nengoba isingaphezu kuka-35 ukuthi ngingabhuliswa amazolo,” kusho uMadlingozi.

“Kodwa-ke, isizathu sokuba ngivume yingoba ngatshelwa ukuthi abalandeli bami bazobe bekhona futhi ngizoba nesikhathi esanele sokudlala esiteji.

“Ngifike kungekho muntu kodwa ngaqala ngacula kwaqala kwasondela abantu abambalwa esteji. 

“Kodwa wawubabona nje ebusweni ukuthi badidekile ukuthi kungani ngisesiteji ngaleso sikhathi.”

UMadlingozi uthe ngaphambi kokuthi acule uke wahlangabezana nezinkinga nabahleli besiteji. 

Uthi ulinde amahora angaphezu kwamabili ngaphambi kokuthi akwazi ukuhlola umsindo waphinde wethuswa ngomunye wonogada.

“Ngifike ngo-9 ekuseni, kwathiwa angilinde kuze kushaye u-11 ukuze ngikwazi ukuhlola umsindo. 

“Kodwa kuthe sekusele imizuzu engu-20 sikwenze lokho, satshelwa ukuthi sehle esiteji. 

“Lokhu kwenzeka nje sesivele silinde amahora amaningi ukuze sihlole umsindo wethu,” kusho uMadlingozi. 

“Ngokubona ukuthi silinde isikhathi eside kangaka, asikho isikhathi sokushintsha sigqoke izimpahla zethu zasesteji. 

“Ngenhlanhla mina ngihlale nginazo ezami emotweni. Nikwazile ukushintsha kodwa amalungu eqembu lami awazange alithole lelo thuba.

“Ngesikhathi sicula, sitshelwe ukuthi isikhathi sami sesiphelile, ngemuva nje kwemizuzu engu-38. 

“Lokhu akungijabulisanga yingakho nginqume ukutshela wonke umuntu ngengoma yami yokugcina ukuthi ngeke ngiphinde ngibuye kule festivali.” 

OLUNYE UDABA: Uza nomunye umculo omusha uG-Ugly, uchaza naleli gama

Uthe abaculi bakuleli bebephethe ngathi benzelwa umusa nje ngokufakwa kule festivali.