Umculo

Uza nomunye umculo omusha uG-Ugly, uchaza naleli gama

Ngemuva kokushicilela udaba lwethu ngomculi weHip Hop ohlala emakhaya uMthobisi “UG-Ugly” Gabuzela, kwaba nabakhala ngokuthi lichazani leli gama lakhe. 

Uma simbuza ngalo umfo kaGabuzela, akachithanga sikhathi, uvele wahlala phezulu kodaba. 

“Hhayi ilula leyo bafo, u-G umele isibongo sami uGabuzela,” kusho le nsizwa esencane. 

“U- U umele u-Unconditional, u-G amele u-God, u-L yena umele u-Loves bese u-Y amele u-You.” 

NgesiZulu. Lokhu kuchaza ukuthi uMdali ukuthanda ngokungenamkhawulo. 

“Ngangifuna igama engizobizwa ngalo kule ndima yezomculo ngathola leli,” kuqhuba uG-Ugly. 

Ube esesitshela nokuthi uphezu kwezinhlelo zokukhipha imunye umculo maduze nje.  

Uzokhipha icwecwe le-EP ngomhla ka-29 kuMandulo athi libophele amanoni amnandi ayisishiyagalombili kuphela. 

Lesi sihlabani esisesincane somculo weHip-Hop sizokhipha leli cwecwe nje kade sisanda kushiya abalandeli balo mculo eCape Town Amphitheater bengawuvali umlomo. 

Uthe abathandi bomculo wakhe nabathandi beHip-Hop nje jikelele bazobhema bakholwe njengoba ebaphathele amanoni amasha nakholwa ukuthi bazowathanda kakhulu. 

Ezingomeni zakhe ezintsha kukhona ethi Wayisusa iNkulumo. UG-Ugly uthi ngamaholidi kaZibandlela uzohambela amadolobha ahlukene kuleli ngenhloso yokuphakela abalandeli umculo wakhe. 

OLUNYE UDABA: Ukwelashwa kochithekelwe yingane engakayibelethi

Izingoma zakhe ezintsha zizotholakala ezitolo zomoya ezifana noYouTube, Tik-Tok, Spotify, ne-iTunes.