Ukwelashwa kochithekelwe yingane engakayibelethi
Sekuneqoqo lezinyanga ezingogobela abahlangene ngokwelapha, elibizwa ngeMphepho kaQithi Ndlovu.
Lezi zinyanga ziholwa nguSthembiso Ndlovu wasoLundi, uSthembiso “Mkhulu” Cebekhulu wakwaNongoma noMehlo Myeni wasoLundi.
Isigqusethu, njengoshicilelo oluqhakambisa konke okwesintu kusukela kumasiko kuya kubuciko, siphume inqina sifuna ukuthola ngokusebenza kwabelaphi bendabuko.
Lokhu kungenxa yokuthi abantu bakaMvelinqangi bayagula ngezindlela ezahlukene ikakhulukazi kulezi zinsuku la ubuthakathi sebudlange ngokweqile.
Kukhona ababulalelwa imisamo, abanye balungisa mihla namalanga kodwa akukho nokukodwa okulungayo.
Lezi zinyanga ziqale ngodaba oluyindidane lomuntu wesimame ochithekelwe yisisu.
USthembiso Cebekhulu uthi abantu abaningi besimame abalaphi khona bashaya eceleni.
“Uma uzolapha ingane echithekile kumele aqale abelethiswe ngenkukhu owesifazane ngoba usuke engabelethanga,” kuchaza uCebekhulu.
“Ingane isuke kade ishonele kuyena ngaphakathi. Le ngane iyakhula kuyena ize ibe ndala…
“Uyombona owesifazane ngokuba nesisu esikhulu engaphuzi kanti kuhlezi le ngane ekhulayo emzimbeni wakhe.
“Njengoba uma ngabe umuntu eshonele kude nekhaya elandwa ngehlahla lomlahlankosi, nengane iyancengwa kunina abelethiswe kahle.
“Ibe seyenzelwa iladi layo ngendlela efanele, igezwe ngoba isuke inegazi lokuzalwa, iphinde ingeniswe emndenini wayo isigeziwe.
“Iphiwa ukudla kwayo, iqanjwe negama layo kuthengwe nezingubo zayo.
“Uma ungayenzelile lokhu le ngane iyahlupha kakhulu ngoba idala amashwa emndenini wayo, ihlukumeze konke okukhona iqede nomsebenzi.
“Kugcina kuba ngathi umuntu ubulewe ngezilwane kodwa cha… Abantu mabaqaphele kakhulu ngezingane ezichithekile.
“Ziyingozi kodwa ubungozi bazo buyalapheka,” kucgizelela uCebekhulu.
OLUNYE UDABA: Wakha indlu yeSonto ka-R1 million uThinah Zungu
Laba belaphi bendabuko bayatholakala kulezi zinombolo: uMkhulu Ndlovu: 063 691 8986, uMkhulu Cebekhulu: 062 17 5 1051, uMkhulu Myeni: 072 794 6470.
Izindawo abatholakala kuzo kuseHositela kwa-A KwaMashu, Olundi nasoZwathini.