Umculo

Uyakuphila akushumayelayo uBhishobhi Msomi

UBhishobhi uLungisani Msomi webandla leChurch of Gospel, eNanda uthi ubizo lwakhe lwenkolo liqale ngo-2007 nakuba ekhule ngayo inkolo. 

Kodwa uthi uhambo lwakhe lube namagwingcigwingci kuhle komfula njengoba ake walimala kanzima nemoto. 

Waphaphama esibhedlela egunjini labagula kakhulu. UBhishobhi Msomi ngumuntu onikela kwabampofu ikakhulu abafelokazi, izalukazi, nezintandane eNanda. 

Indawo yaseNanda ngenye yezindawo okudlange kuzo ububha nobugebengu. Lo Bhishobhi namalungu ebandla lakhe bahamba beshumayela ukufafaza uthando loMdali kubantu. 

“Abantu baqhelelene noMdali ngenxa yobubha nokubulawa kwabantu mihla namalanga. 

“Abangakwazi ukuthi bamdinga kakhulu uMdali ukuze kubuye onembeza, ngoba ngisho izingane ezincane  seziphenduke imigulukudu yewunga. 

“Azisahlalali emakhaya, uzithola sezihlala ngaphansi kwamabhiliji edolobheni nasePhoyinti lapho zidla khona lombulalazwe. 

“Amakholwa kumele asukume abambisane nomphakathi nohulumeni kulesi sihlava esihlasele izwe lethu elihle kanjena,” kusho uBhishobhi Msomi. 

Izwi leNkosi ubuye alishumayele emsakazweni yomphakathi yaKwaZulu-Natal

Ungomunye wabaBhishobhu abasayibambe ngoludala njengoba ekholwa ukuthi abafundisi kumele banikele emphakathini. 

“Amalungu omphakathi okumele ahlonze labo bantu abadinga ukunakekelwa nokusizwa… 

OLUNYE UDABA: Ichithiwe emsakazweni ingoma kaSkyes ‘ehlambalazayo’

“Abafundisi abayeke ukuba ngogombela kwezabo izisu,” kuchaza yena, ephetha ngokuthi usezinhlelweni zokukhipha i-albhamu yomculo wokholo maduze.