Ichithiwe emsakazweni ingoma kaSkyes ‘ehlambalazayo’
Umculi osemncane waseMgungundlovu, uSkyes usephoqeleke ukubuyela estudiyo ayoyirekhoda kabusha ingoma yakhe ukuthi yamukeleke emisakazweni.
USkyes usephenduke undabuzekwayo kwiTik-Tok ngengoma yakhe ethi Sisekakeni Babies njengoba ithakaselwa kakhulu.
Le ngoma yaMapiano uzamile ukuyifaka emisakazweni ehlukene kodwa yachithwa ngenxa yesihloko sayo.
Lo mculi waseMgungundlovu, ogama lakhe langempela ngu-Ayabonga Zuma, utshele iDaily Sun ukuthi izinhlelo zakhe ziphazamisekile.
“Bathi inkinga yisihloko sengoma. Kodwa le ngoma izikhulumela ngobumnandi nje,” kusho uSkyes oneminyaka engu-22.
“Ingoma ikhumbuza abantu ukuthi kumele bengakhohlwa wukuzijabulisa. Yingakho ngibona sengathi lokhu abakushoyo kuphazamisa umsebenzi wami.
“Yize ngikuqonda ukuthi kungani bengeke bakwazi ukuyidlala le ngoma, kodwa kungiphazamisile.
“Mina angiwuboni uumonakalo ongenziwa yile ngoma.Ayikho inhlamba kwengikushoyo engomeni.
“Kodwa ayikutholanga ukudlalwa ebengicabanga ukuthi izokuthola, nami angimenywa ukuzokhuluma ngayo.”
Uthe waqala wayifaka ezinkundleni zokuxhumana elola abantu, bayithakasela ingoma nokwenza kube nzima ukuyijika uma sebeqopha.
“Siyidedele ngoJuni 30. Kodwa ngalesi sikhathi ibisivele inedumela ezinkundleni zokuxhumana.
“Abantu bebeyifuna. Kwadingeka sibanike lokho abakufunayo. Yingakho besingeke sisakwazi ukuyishintsha.
“Nasezitolo zomoya idayise kahle kakhulu. Ibikwezinye ezingu-100 ezidayisa kakhulu kwi-Apple Music neShopify,” kuchaza lo mculi waseMgungundlovu.
Uthi useyishintshe isihloko ingoma yakhe njengoba manje isihloko sesithi Sisestayeleni Babies.
“Sesiyikhiphile ‘ehlanzekile’ futhi sesiyithumele emisakazweni ehlukene,” kusho uSkyes.
Ungowokuqala ukusayinwa yinkampani kaNomcebo Zikode wodumo lweJerusalem, i-Emazulwini Records.
UNomcebo yena ucashunwe ethi wathatheka eqala ukumuzwa uSkyes, wabona ukuthi uya kude. Uthe unethemba lokuthi nale ngoma esihlanziwe izokwenza kahle.
“Ngavele ngazi ngiqala ukumuzwa uSkyes ukuthi unethalente elikhethekile. Yingakho ngingamangalanga ukuthi ingoma yakhe yokuqala ibe nedumela kangaka.
OLUNYE UDABA: UGame Changer uzojika izinto ngampela kuMaskandi
“Le ngoma seyivele yenza kahle futhi ngicabanga ukuthi le esesiyenze kabusha izosivulela neminye iminyango.”