Umculo

Igeza lakwaNgoza linezifiso ezizokusa uMaskandi phambili

Yize liselisha emculweni kaMaskandi, Igeza lakwaNgoza, liyakuqonda ukuthi kungani abahleli bemicimbi bengawafaki emicimbini yabo ‘amavukane’. 

Ngokusho kwale nsizwa yaseMnambithi, wonke umuntu ufuna ukwenza imali ngakho nabahleli bemicimbi bafuna inzuzo. 

Igeza lakwaNgoza, ogama lakhe langempela uMzambiya Mvelase, litho lona alinankina ngokucushiswa ngisho ngasemnyango emicimbini ukuze lithile ithuba lokukhula. 

“Akulula ngempela ukuthi basithathe thina baculi abasebasha endimeni abasafuna ukuzakhela igama,” kusho yena. 

“Yingoba bafuna abaculi asebevuthiwe abazoheha abalandeli ngoba nabo bafuna ukwenza imali. 

“Kodwa ngiyafisa ukuthi nathi basifake kancane, benzele ukusijwayeza ukuze nathi sigcine siphakeme.” 

Le nsizwa edabuka eSahlumbe, eMnambithi ithi abaculi abasha endimeni yezomculo bayakudinga ukucushiswa ngabaculi abadala kuMaskanda ngokuthile. 

Uthi uma ufika uvele ungazi kumele uqale ngaphi uma udinga inkampani ozorekhoda ngaphansi kwayo. 

“Kuba nzima ukuthi uzophuma ushone kuphi uma ufuna inkampani yokuqopha. Mina ngingene endimeni yezomculo ngiseyigidangoma. 

“Ngaqala  eqenjini Lezakhamuzi laseMsinga, ngaphinde ngasebenza naMalinda noMabutho Mntambo, njengoba kumanje sengiqale umsebenzi wami ngokuzimela.”

Igeza lakwaNgoza lithi okwamanje lisawenza ngemali ephuma ephaketheni lalo umculo kodwa linethemba lokuthi kuyogcina kulungile. 

“Ngingathokoza ngelinye ilanga uma kungaba khona abahleli bemcimbi abazoqhatha abaculi abasha bodwa… 

“Zike zishayane ngophondo esibayeni esisodwa. Njengoba singapha nje eGoli, ziqale zishayane khona. 

“Nangale KwaZulu-Natal zishayane khona, bese zihlangana ekugcineni kuphume inkunzi eyodwa,” kuchaza yena ngezifiso zakhe emculweni kaMaskanda. 

OLUNYE UDABA: Ubhebhezela intokozo nethemba ngomculo uNtokozo

Njengoba yena eseyidavuze waze wacishe wayibamba indlela, uthi usefuna ukusiza nabanye ngelinye ilanga ‘ngoba bayaludinga kakhulu usizo abaculi abasha’.