Mkhulu ngekhono uSondonzima oshaya ingoma engaphuphi
USondonzima Mathebula ongumculi kaMaskanda odabuka eDanawosi uthi akalona iivukane kulo mculo njengoba awuqala ngo-2011.
Ngalesi sikhathi wayehambisana nezinsizwa zangakubo beyiqembu. Kodwa ngenxa yothando lomculo, uqhubekile wazithuthukisa nokugcine ngokuthi abone kumele aphume ibhodwe lakhe.
“Ngifuna ukusho ukuthi abalandeli bomculo kaMaskanda bazobona okuhlukile manje endimeni yezomculo kuleli.
“Manje sesenze ukuthi umculo ungaphuphi ngokusebenzisa indlela entsha,” kusho uSondonzima engxoxweni ekhethekile neSigqi Sethu.
“Mina nabaculi abasha endimeni yezomculo siqale senza ucwaningo ngomhlaba ngaphambi kokuthi singene kuwona.
“Sithole ukuthi lo mculo uyaphupha… Uthola ingoma kade ishisa izikhotha, kuphele isikhashana isikhathele.
“Siphinde sathola ukuthi umculo kaMaskanda kwakumele uhambe endleleni kaMfaz’omnyama Khumalo (inkakha yalo mculo engasekho) ngenxa yokuthi umculo wakhe awuphuphi.
“Sithole le ndlela yokwenza umculo yiyo esebenza nase-United States of America lapho umculo wakhona ungaphuphi nhlobo,” kuchaza le nsizwa.
USondonzima uphinde wanxusa abathandi bomculo ukuthi balalele umculo onohlonzo nomnyalezo, bangalandeli igama lomculi nje kuphela.
Akabashiyanga nabahleli bemicimbi kaMaskanda ukuthi bangabavaleli abaculi abasha ngaphandle emicimbini yabo.
“Phela umculo kithi ngumsebenzi esiziphilisa ngawo, sondle nemndeni yethu ngoba yilona khono uMdali asipha lona,” kuchaza yena.
Lo mculi ufike kwakwazwakala ukuthi usengenile ezinkunzini ezibusa kuMaskanda njengoba ebhonga njengengonyama kuthule ngisho utshani.
Nabaculi abadala balalele ukuthi ngabe nguyena uSondonzima lowo ngoba phela ushaya ingoma evusa abadala ekhaya
Nabasebasha uthi bamthanda ukubhubha, umnyalezo wezingoma zakhe zikushiya ukhomba indlela ngosiba.
Le nsizwa ibuthwe emculweni kaMaskanda noGame Changer, Dumakahle, Inkosi yaMagcokama, Mjikijeli, Thwasa Lekhansela, Bahubhe, Malahle, Sminofu, Lagxabha, nabanye.
Kuyacaca ukuthi abalandeli basazobhema bakholwe uma le nsizwa isidonsa intambo ngoba inekhono elihle.
Umsebenzi wakhe omusha usuyathokala ezitolo zedijithali kanti ungaxhumana naye ezinkundleni zokuxhumana.
OLUNYE UDABA: ‘Ikhumbul’ekhaya’ iLadysmith Black Mambazo ibuyela eThekwini
KuFacebook ikhasi lakhe lithi Sondonzima SA, ku-Tik-Tok: @Sondonzimalwandle, kuWhatsApp: 072 082 9646.