Izoshaya ngoludala iSoul Brothers emcimbini wayo eGoli
ISoul Brothers izogubha iNyanga yamaGugu ngokudedela izingoma zayo ezindala neyaduma ngazo.
Lokhu kuzokwenzeka emcimbini iSoul Brothers Annual Heritage Celebration ezobanjelwa eBaseline, eseNewtown Precinct eGoli ngomhla ka-16 kuMandulo.
Umcimbi uyoqala ngo-12 bebade. UBlack Moses Ngwenya, ongomunye wabasunguli baleli qembu lomgxobanyawo, uthe le festivali ibophele kakhulu.
Uthi baxube izinhlobo ezehlukene zomculo njengoba kuyinyanga yokubungaza amagugu namasiko esizwe.
Kuzobe kukhona amaqembu oMbaqanga, akaMaskanda, awoMgqashiyo, awe-Hip-Hop.
Kubaculi ababoshelwe kule ndumezulu kuzobe kukhona idlozi eliphilayo lomculo wesiTsonga nesiShangane, uDkt Joe Shirimane.
Kuboshelwe noPhuzekhemisi, uThokozani Hadebe, uSphamandla Masondo, uLwah Ndlunkulu, uBig Zulu, uKhuzani, uMhan Flo noFelikhono.
ISoul Brothers yaduma ngamanoni avusa idlozi emathuneni njengalena ethi Mama kaSbongile, Bazobuya, Isithothobala, Kuyadabukisa, namanye amaningi.
Abathandi bomculo bazobhema bakholwe uma leli qembu selidlala bukhoma, lishaya nemidanso yalo evusa usinga.
Kuzokhumbula ukuthi kulaphi la sibuya khona ngenxa yeSoul Brothers. Uma ufuna ukushaywa ngumoya nokuqeda umzwangedwa, nikela khona.
Uzozibonela mathupha uThokozani “Mashwabana” Hadebe, iBhungane lendlela eshibilika esteji.
FUNDA NALA: UNosipho wazalwa nephimbo lokusakaza, imfundo yavula isango
Uzophinde uzibonele indodana kaDavid “Mdavu” Masondo ishikisha. Amathikithi alo mcimbi ayatholakala kwaWebTickets, Pick n Pay, Shoprite/Checkers asuka ku-R200 kuya ku-R400.