Amaciko ethu: umama Esther Mahlangu yihlahlandlela
Kuhlonishwe iciko lesiNdebele, umama u-Esther Mahlangu e-United States of America ngemisebenzi yakhe yobuciko.
U-Esther Mahlangu owazalwa eMiddleburg, eMpumalanga, waqala ngokucaka izindlu zakubo zamaNdebele noKhulu wakhe nonina.
Leli ciko elineminyaka engu-87, laqala ngokuhlobisa izindlu ngemibala ehambisana nesiko lamaNdebele esebenzisa izimpaphe zenkukhu.
Wayephinde aluke ubuhlalu ngezindlela ezahlukene. Ngonyaka ka-1989 waqala wamukelwa emhlabeni wonke ngemidwebo yakhe.
Ngo-1991 wadweba imoto yohlobo lweBMW ngemibala yesiNdebele nokwaba ngeyokuqala eAfrika yonkana.
Ngo-1994 le moto yafakwa kwiNational Museum of Women eWashington DC naseBritish Museum eLondon ngo-2017.
Leli ciko elihlonishwa umhlaba wonke ngomsebenzi wokudweba ngo-1980 lasebenza eBotshabelo History Village lapho lalamukela khona izivakashi.
Wayezikhombisa ngamagugu esiNdebele.
Nokho kuke kwanesigameko esibi muva nje empilweni yakhe. Ngomhla ka-19 kuNdasa ka-2022 wazithola eyisisulu sobugebengu.
Kwangena izigilamkhuba zamkhomba ngesibhamu emzini wakhe zifuna imali.
Lesi sehlakalo sathinta abantu abaningi emhlabeni nohulumeni wakuleli wasukumela phezulu.
Amaphoyisa aphuma inqina amthola umsolwa kodwa waboshwa isikhashana wabuye wadedelwa.
OLUNYE UDABA: Babuyelene uShwi noMtekhala, beza nengoma yonyaka
Emiklomelweni aseke wahlonishwa ngayo u-Esther Mahlangu kukhona Ikhamanga ngo-2006, i-United Nations High Commissioner for Refugees (UNHCR) ngo-2019.