Babuyelene uShwi noMtekhala, beza nengoma yonyaka
UShwi noMtekhala bangase babalwe ezingomeni ezizohlukanisa unyaka njengoba sebebuyelene futhi bezokhipha ingoma evuthayo.
Kuvela ukuthi lezi zingqwele zisanda kuqeda ukurekhoda ingoma noDJ Maphorisa wodumo lwaMapiano.
Lezi zinkunzi zikaMaskandi zibonakale zidansa noD Maphorisa ngesikhathi bekhangisa ngale ngoma ezophuma maduze.
Benze kabusha ingoma yabo eyayishisa izikhotha eminyakeni eyishumi edlule iNgafa yafakwa isigqi somdanso.
Ngokubhala kwabeZimoja, uDj Maphorisa wenze umsebenzi obusuhlule ngisho abemindeni yabo ngokuhlanganisa uShwi noMtekhala.
“Wuguquko olukhulu lolu ngoba bebengazwani nhlobo, bengafuni nokuba sendlini eyodwa,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Ukuthi babe sendlini eyodwa, badanse ndawonye yinto enkulu kakhulu. Usebenzile uMaphorisa.”
Lezi zinkunzi zaxabana ngo-2021 zaze zakhetha ukuhlukanisa iqembu njengoba uShwi ubesecula yedwa.
Kuthiwa zabanga indlela owayeyimenenja yabo ngaleso sikhathi uBongani Manyathi ayebaphethe ngayo.
UMtekhala wayengenelisekile ngokuthile, kodwa uShwi wahambisana noManyathi baze bagcina bengasazwene.
Kwabe sekuphetha ngokuthi bahlukane njengoba sebehlanganiswa uMaphorisa nje ngemuva kweminyaka emibili.
OLUNYE UDABA: Uchazwa wukwamukelwa kweHip-Hop emakhaya uMthobisi
Nokho akukaziwa ke ukuthi bazoqhubeka yini basebenze ndawonye ngaphandle kukaMaphorisa.