Uchazwa wukwamukelwa kweHip-Hop emakhaya uMthobisi
UMthobisi Gabuzela, uqoke ukuba yivulandlela eMsinga ngokungalandeli amanye amaciko ngokucula uMaskandi kodwa alandele umkhakha weHip-Hop.
Ungowokuqala eMsinga ukucula nokuqopha lolu hlobo lomculo. UMthobisi uthi wahlangana nalo mculo ngesikhathi eyofunda enyuvesi eMgungundlovu.
Wayevele ke enalo ubizo lomculo kodwa olweHip-Hop uthi lumngene ngendlela.
“Ngiqale ngalandela umculo kaBig Zulu. Ngibone lapho ukuthi iphupho lami lizofezeka ngoba uBig Zulu noSijavia bawutshalile entsheni yasemakhaya lo mculo.
“Abantu bawumukela kahle kakhulu. Phambilini bekunzima ngoba lo mculo abantu abamnyama kuleli kade bengawungamukeli kahle,” kusho uMthobisi.
“Bazama kakhulu abaculi abafana noZola, Zakwe, Nasty C, Cassper Nyovest, Emtee, Khuli Chana, AK, Riky Rick, nabanye…
“Namuhla lo mculo intsha yakuleli isayawuthanda kakhulu ikakhulukazi le esemanyuvesi.
“Ubungeke ucabange ukuthi lo mculo ungangenisa nasemakhaya ngoba kusadliwa ngoludala, isikhathi sisabhekwa ngezinkukhu nangelanga…
“Kodwa namuhla lo mculo usungenile impela,” kuchaza uMthobisi oseke washiyelana inkundla noBig Zulu, Sijavia, Cassper Nyovest, no-Emtee.
OLUNYE UDABA: Uthenge indiza enophephela emhlane azoshadisa ngayo indodakazi
“Nokho isifiso esikhulu wukwenza ingoma noBig Zulu,” uhso kanje. Uthe abantu bengamthola ezinkundleni zokuxhuma. Ungu-G-Ugly kwiFacebook nakwiTik-Tok.