Umculo

UVusi Nova uselaxaze iMuthaland, waziqalela inkampani yakhe

Umculi osedayise izigidi zamacwecwe uVusi Nova useyashiya enkampanini aberekhoda ngaphansi kwayo iMuthaland Entertainment.

Usesungule eyakhe inkampani, iNova Sounds esisayine iqembu lomculo elibizwa nge-047 elisuka ngakubo e-Eastern Cape. 

UVusi Nova odume ngezingoma okukhona kuzo iThandiwe, Ndikuthandile, Asphelelanga, Intliziyo neNomakanjani, useqoe ukuzimela.

Umsunguli weMuthaland uLance Stehr utshele abeSowetan kuleli viki ukuthi akananxa noVusi Nova njengooba eseshiya nje. 

“Kube wuhambo oluyisimanga noVusi Nova,” kusho uLance Stehr osevundulule inqwaba yamakhono emvulweni wakuleli. 

“Bengihlezi ngikholelwa ekutheni ungomunye wabaculi abanephimbo elimnandi kakhulu kuleli. 

“Noma esesteji ushaya into ecokeme emenza ahlule ngisho abanye babaculi baphesheya, okumenza omunye wabahamba phambili e-Afrika. 

“Simfisela impumelelo njengoba eseqala uhambo olusha neNova Sounds. IMuthaland iyohlezi imeseka, imsiza lapho eyidinga khona.”

UStehr uthe uVusi Nova usazoqhubeka nokuthola imali yenzuzo ezokwenziwa wumculo awurekhode esengaphansi kweMuthaland. 

“Sizoqhubeka sisebenzisane… Naphambilini sisebenzile nabanye babaculi ababengaphansi kwethu kodwa ababona sekungcono bazimele okukhona kubo oDJ Cleo, Zola 7, Ready D, Da Les nabanye. 

“Kuyangijabulisa ukubona amaciko amasha. UVusi ungimunye wamaciko amakhulu kuleli njengamanje futhi uma ebona sekumele azimele kulungile. 

NALU OLUNYE UDABA: USonakali ukhuza eyokukhutshwa kwabasebasha kuMaskandi

“Ngiyazi ukuthi uzonikeza abalandeli lokho abakufunayo,” kuchaza uStehr.