USonakali ukhuza eyokukhutshwa kwabasebasha kuMaskandi
Umculi kaMasikandi, uSonakali Zondi unxusa abaculi abadala kule ndima ukuthi bangabavaleli abaculi abasha ngaphandle.
Le nsizwa ezalwa esigodini saseNzala, eMsinga, ikhala ngokuthi kunezingqwele zalo mculo ezingakusaseli ukuqubuka kwabasebasha.
“Kukhona abaculi abanamakhono abafika noshuni ohlukile futhi oyaphambili, othuthukisa lo mculo othandwa ngabantu,” kusho uSonakali.
“Akumele ke bavalelwe ngaphandle kodwa kumele bacetshiswe ukuze nabo bengakhubeni la kwakhubeka khona abaphambili.”
Usuka kude ke uSonakali kule ndima njengoba angena emculweni ngeminyaka yama-2000 eyigidangoma likaMgqumeni Khumalo.
Wayegida kumaqembu kaMgqumeni okukhona kuwo Amagcokama, Abakwethu, iNdlamanzi, noGezo.
Ngemuva kokushona kukaMgqumeni, wasungula iqembu ama-AK 47 benoJaivazimnike.
Kodwa ngokuhamba kwesikhathi uphume inxiwa lakhe ngokomsebenzi njengoba esezimele.
Kodwa usaqhubeka nokusebenza noJaivazimnike. USonakali uhamba ezinyathelweni zabaculi abaduma baseMsinga.
Kubo singabala oKati Elimnyama, Ngxalothi, Mxosheni Mkhize, Shwi noMuntukhala noMtshengiseni Gxwensa obaziwa ngeNdidane.
Abanye ngoThwala Inja, Amashayina amahle, uMlethwa Majola, uPhansiphezulu, uNjencane, uKhathalani, noMo Ngubane.
NALU OLUNYE UDABA: UPearl Thusi uphumele obala ngokuphela kobungani noDJ Zihle
USonakali kumanje usezinhlelweni zokukhipha umsebenzi omusha kungekukudala, athembisa ukuthi uzoshisa izikhotha.