UPearl Thusi uphumele obala ngokuphela kobungani noDJ Zihle
Usaziwayo wakuleli ongumethuli wezinhlelo zethelevishini uPearl Thusi usegcine ecacisile ukuthi yini eyabaqhatha benomngani wakhe omkhulu uDJ Zinhle.
Lezi zintokazi bezingamatha nolimi futhi la ubona khona omunye, nakanjani omunye ubesuke eseduze.
Kodwa ezinyangeni ezimbalwa baqalile baqhelelana kwaze kwagcina kunamahlebezi okuthi baxabene.
Kodwa ekhuluma kwiPodcast kaDJ Fresh yakamuva, uPearl Thusi ucacisile ukuthi kwenzakalani njengoba bengasavamisile ukubonakala bendawonye.
“UZinhle nami kudala saba ngabangani. Sengize ngimthatha njengodadewethu… Ukukhuluma iqiniso nje senginosisi abathathu,” usho kanje.
“Zikhona izikhathi la ngisho nosisi wami besingakhulumi noma singabonani kuphele izinyanga ngoba sinikezana isikhathi.
“Singabantu abadala, siyakhula ngokwemisebenzi, siyashintsha ngakho kwesinye kukhona la sizongaboni ngasolinye.
Uveze nokuthi ukushada kukaZinhle bese ethola nomunye umntwana kube nomthelela ekutheni abangabi nesikhathi esanele ndawonye.
“Kumele ngikusho ukuthi izinmpilo zetu zijikile kakhulu. Kuke kwanesikhathi la besihlezi sibonakala ndawonye ngoba vele besihlala sonke ngaleso sikhathi.
“Kodw ake wabe esephuma endlini ebesihlala kuyo. Useshadile manje, usenomunye umntwana. Kuningi abhekene nakho.
NALU OLUNYE UDABA: ULady Zamar usamile ekutheni wadlwengulwa
“Uzakhela igama lakhe. Nami ngiyazama ukumsiza la ngikhona khona,” kuchaza uPearl Thusi.