ImicimbiUbucikoUmculo

ULady Zamar usamile ekutheni wadlwengulwa

Yize inhalngano yokushushiswa kwamacala kuleli, iNational Prosecuting Authority (NPA) yanquma ukungaqhubeki necala lokudlwengulwa elalivulwe uLady Zamar, le ntokazi isagcizelela ukuthi yadlwengulwa. 

ULady Zamar wavula leli cala ngo-2017 esola omunye umculi othandwayo kuleli uSjava ngokuthi umnukubezile ngokocansi. 

Lo mculi ukhiphe konke okungaphakathi kuye ngalolu daba ngesikhathi esohlelweni lweShowmax i-Unfollowed, oluqale ngo-Agasti 23 ukukhonjiswa. 

Lolu hlelo lubheka ukudicilelana phansi kwabantu kusetshenziswa izinkundla zokuxhumana ngokukhuluma nosaziwayo asebedlule ezimweni ezifanayo. 

ULady Zamar ubexoxa nomsakazi wezindaba uThembekile Mrototo, kanti ube esechaza konke ngokwenzeka ngo-2017. 

Nokho ngesikhathi eluxoxa udaba lwakhe, ubengalivezi igama lalo amsola ngokumhlukumeza, ethi usaba ukuboshelwa ukwehlisa isithunzi sakhe. 

“Baningi abesifazane abagcina bevale imilomo yabo ngoba besatshiswa ngokuboshelwa ukwehlisa isithunzi salowo obahlukumezile. 

“Ngeke ke ngilibalule igama lakhe,” usho kanje lo mzwilili odume ngezingoma okukhona kuzo iCollide neMay Baby. 

Uthe kusanda kwenzeka lesi sigameko, wake wazisola yena, ethi mhlawumbe nguye ozibizele lokhu okumehlele.

“Ngangizisola kakhulu. Ngangiziswa sengathi yimi engaya kuleya ndlu ngingazi kuzokwenzakalani. 

“Sasingajoli ngaleso sikhathi futhi sasingakaze nje sikhulume ngezinto eziphathelene nocansi. 

“Futhi sasingakaze sikhombise nangezenzo ukuthi kukhona okungenzeka phakathi kwethu. Sasingakaze futhi sihlangane ngokocansi phambilini.”

Uthi emavikini ambalwa ngaphambi kwalesi sigameko, wayekade eye kudokotela eyohlinzwa amabele ngenhloso yokuwanciphisa. 

Lo dokotela wayemyalele ukuba angayenzi into ezogqilaza umzimba wakhe kuze kube uphola ngokwenele.  

“Kwaba yinto eyangigqilaza kakhulu ngokomqondo. Ngesikhathi kwenzeka, ngangidakwe amaphisi ezinhlungu ngakho ngazisola mina. 

“Ngangizitshela ukuthi vele abesifazane akumele babe bodwa namadoda endlini. Yilokho esasitshelwa khona sisakhula. 

“Ikakhulukazi mina. Ngikhulele ekhaya elibambelele kakhulu enkolweni. Ngakho ngalelo langa ngangingazitsheli ukuthi ngisengozini kuze kube kuyenzeka. 

“Angizange ngimlwise ngoba nganginemithungu. Ngamtshela ukuthi akayeke. Kodwa wenza sengathi akangizwa.” 

Ngemuva kwalezi zinsolo uSjava wake wakhishwa emicimbini futhi nezingoma zakhe zavalwa ukudlalwa kweminye yemisakazo. 

Kodwa ngemuva kokuba i-NPA yakhipha isinqumo sokuthi ngeke imshushise ngenxa yokushoda kokufakazi, ubuyelile emculweni. 

NALU OLUNYE UDABA: Kuchazwa eyokubhuntsha kwekhonsathi kaKelly Khumalo

Nokho abalandeli basakhombisa inzondo embi, bekhala ngokuthi uLady Zamar wacishe waqeda ngekusasa likaSjava.