Umculo

Ufike ngodli kuMaskandi uNgeneyntwen onamakhono amaningi

Usegcine elwamukele ubizo lomculo uNgenyeyntwen njengoba esekhiphe ingoma kaMaskandi anethemba lokuthi izomakhela igama kulo mkhakha womculo.

UNgeneyntwen, ogama lakhe langempela nguSihle Mkhize, unamakhono amaningi njengoba eseke waba yintatheli nomlingisi phambilini.

“Sengingene shi emculweni, kuMaskandi. Ngingene nge-EP ephume ngo-Agasti 29 esihloko sithi, Eyntwen.

“Ngingena emculweni ngokuthi ngiyiciko nje… Ngiyiciko lokuzalwa. Abaningi bayazi ukuthi uNgeneyntwen ungumlingisi. 

“UNgeneyntwen uwumbhali, uyintatheli. Abaningi bangibonile futhi ngilingisa kwiGenerations The Legacy, kwi-Imbewu nakwiGold Diggers.

“Kodwa ke njengamanje sengisemculweni la ngisazogxila khona kakhulu,” kuchaza le nsizwa yaseMashiwase. 

Uthe yize ezazi ukuthi uyigagu, kodwa ubengakaze ayicabange eyokucula kuze kuba kuqhamuka insizwa eyamgqugquzela. 

“Kube khona enye insizwa engiihloniphayo kwezikaqedisizungu eyavele yangitshela nje yathi, ‘Ngeneyntwen awuvele ube wumculi manje’.

“Ngathuka ke impela ngoba khona vele yinto engingathanda ukuyenza kwazise sengisebenze kakhulu nabaculi.

“Kubaculi esengike ngasebenza nabo ngingabala ubab’uKhemisi (uPhuzekhemisi) benobabúHhashi Elimhlophe.

“Lo mfo wathi kumele ngicule angangazi ke ngizokwenzenjani ngoba phela umculo awuveli ulale uvuke ekuseni usuthi awuthi ngicule. 

“Kodwa ngokuthi le nsizwa yakholelwa kimi, ngagcina nami ngibona ukuthi ngingakwenza kwenzeke. 

“Okwalandela lapho ke wukuthi ingoma yavele yazifikela nje emqondwnei kimi. Ngabe sengiyibhala phansi. 

“Ngabe sengiyivumisa izinsizwa zangakithi koFakazi, koLovu nakoMashiwase ngaphambi kokuthi ngiye estudio.

“NgesiZulu phela kuthiwa kuhle ukuzwa amanzi ngobhoko kuqala. Ngezwa ke ukuthi ayashona kodwa ngathi ngeke kodwa ngigwilize.”

Uthi kwabe sekuba uPhuzekhemisi othi uzomfaka estudio amuphrojusele le ngoma yakhe. 

“Wathi uyakholelwa kimi ukuthi niwumuntu ofanelwe yimpumelelo ngoba ngisebenza kanzima. 

“Ngisebenze naye uPhuzekhemisi, nendodana yakhe uThulasizwe Mnyandu kwase kuzoba uMli wakwaMkhize. 

“Kukhona nomunye umfowethu okuthiwa uMudemude, okuwuye oshaya i-bass guitar. 

“UPhuzekhemisi yena nguyena obewujenene, ebatshela ukuthi wena thinta la kanje, uyiphrojuse ukusuka nokuhlala le ngoma.” 

Uthi yize ingoma ingezimo aseke wadlula kuzo, unethemba lokuthi umlayezo bazowuzwa uhambisana nabo nabanye ngoba yisimo esenzeka kubantu nje ngokujwayelekile. 

“Ingoma ayikhulumi ngento ethinta mina ngedwa kodwa ikhuluma ngezimo ezibhekana nabantu. Umuntu umfica esengesinye isimo kanti wajikwa abantu. 

“Silwa nalento yokuhlukumezana, sihlezi sikhala kukhulunywa ngodlame. Le ngoma ikhuza ukuthi akungaliwa kodwa iyakuveza nokuthi abantu bashintshiswa abantu.

NALU OLUNYE UDABA: Uzigqaja ngokubhala ingoma engadeleki uSaliwa 

“Umlayezo wayo muhle kakhulu futhi nesigqi sayo sihle kakhulu,” kuchaza umfokaKhabazela.  

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *