ImicimbiUmculo

Kuchazwa eyokubhuntsha kwekhonsathi kaKelly Khumalo

Ikhonsathi obekuzodlala kuyo uKelly Khumalo eyedwa eState Theatre ePitoli yahlehliswa esithubeni ngoba ‘kungesona isikhathi esikahle lesi’.  

UThabiso Qwabe, okunguye obehlela le khonsathi, uthi isimo njengamanje asikho sihle ukuthi bengaqhubeka nalo mcimbi. 

Kuzokhumbuleka ke ukuthi uKelly Khumalo uke wahoxiswa emicimbini embalwa abefakwe ukuthi uzodlala kuyo. 

Lokhu kungenxa yokubandakanyeka kwakhe ecaleni eliqhubekayo enkantolo enkulu yasePitoli lokubulawa kukaSenzo Meyiwa. 

UKelly Khumalo wayeyintombi kaMeyiwa ngesikhathi ebulalwa ekubo eVolsloorus ngoSepthemba ka-2014.

“Siqoke ukuyihlehlisela isikhathi esisazosimemezela. Uma ubuka isimo njengamanje, bekumele sihlehlise.

“Sibheke okwenzekayo nesimo, sabona kungcono sike siwuhlehlise lo mcimbi,” ucashunwe esho kanje uQwabe kwiSowetanLive. 

Lo mcimbi wawuhlelewe ukuthi ube ngo-Agasti 26 kodwa wagcina ubhuntshile. 

Ngesikhathi kuphuma lezi zindaba, kwavela amahlebezi okuthi amathikithi awadayisi ngendlela eyayilindelwe. 

“Bekungekhona ukuthi amathikithi awadayisi,” kuphika uQwabe. “Sibone kungesona isikhathi esifanele.

“Labo abesebewathengile amathikithi bazobuyiselwa izimali zabo, siyophinde sikhiphe usuku lwalo mcimbi ngokuhamba kwesikhathi.” 

NALU OLUNYE UDABA: Uzigqaja ngokubhala ingoma engadeleki uSaliwa

UKelly Khumalo, osanda kunqoba indondo emcimbini weBasadi in Music Awards, nguye owaqala ukuveza izindaba zokuhlehliswa kwekhonsathi yakhe.