ImicimbiIsikoUmculo

Abahleli boMbuso Wamaciko bakhala ngoMthandeni obagqilazayo

Isilomo sikaMaskandi, uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele, uhoxile ekunandiseni emcimbini waminyaka yonke iMbuso Wamaciko. 

Le festivali kamaskandi kuhlelwe ukuthi ibe ngasekupheleni kukaSepthemba. Lo mculi onengoma eshisa izikhotha ethiParis, utshele abadidiyeli ukuthi useyahoxa kulo mcimbi uma behluleka ukumkhokhela imali yokumqasha esinyusiwe. 

Encwadini ayibhalele abahleli bomcimbi woMbuso Wamaciko, uMthandeni ubalule impumelelo yakhe, wabe esethi ngenxa yalokho imali yokumqasha inyukile isuka ku-R150 000, yaya ku-R200 000. 

UMthandeni usanda kuba umculi wokuqala kamaskandi ukuthi ingoma yakhe ibukwe ngabantu abevile esigidini kwiYouTube zingakapheli izinsuku eziyishumi nambili.

Kule ngoma yakhe yakamuva, iParis ucula ngokuhlanganyela nomculi we-Afro-Pop uLwah Ndlunkulu. 

“Kuke kwaba nokuthuthuka mayelana nokuzibandakanya kukaMthandeni emicimbini okubalwa kuyo noMbuso Wamaciko. 

“Uma kubhekwa impumelelo yakhe encomekayo nokufunwa kwakhe ngapha nangapha, isishintshile imali yokuqasha uMthandeni. 

“Njengoba kumenyezelwe ezinkundleni zokuxhumana imali yakhe entsha yokumqasha isibekwe ku-R200 000,” kusho le ncwadi ayibhalele abahleli bomcimbi. 

Le ncwadi isayinwe yimenenja yakhe uPeter Vundla. Iqhube yathi kuyadabukisa ukuthi uMthandeni ngeke esakwazi ukuqinisekisa ukuthi uzoba khona kulo mcimbi.

“Uma ithimba loMbuso Wamaciko lifisa ukuqhubeka nokuthi abe kulo mcimbi, siyacela ukuthi nikhokhe imali entsha engu-R200 000. 

“UMthandeni uzibophezele ekuletheni umdlalo oncomekayo futhi abambe iqhaza ekuphumeleleni komcimbi,” kusho uVundla.

Ithimba labaphathi boMbuso Wamaciko likhiphe isitatimende ngoLwesine ekuseni lapho likubeke kwacaca ukuthi ngeke lidlale abaculi. 

“Thina simqashe ngaphambi kokwenyuka kwemali yokumqasha okwenzeke muva nje.

“Ngakho-ke imigomo yethulwe ngaphambilini ayizange ilufake udaba oluvezayo manje, oluhlobene nokwenyuka kwemali nokubukwa yisigidi (kwiYouTube).

“Njengoba umcimbi wethu uwumcimbi wamahhala, ayikho inzuzo esizoyenza.

NALU OLUNYE UDABA: Uzifake obishini uNgizwe evulela ulabhabha wempama

“Ngenxa yesabelomali esinqunyelwe ngeke sikwazi ukukhokhela iciko lakho le mali eliyifunayo. “Ngakho-ke sicabanga ukuthi ukulibhukha kwethu sekuhoxisiwe okwamanje.”